U-Ezra 2:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kwababethunjiwe bayiswa eBabele nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,

2. bafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilishani, noMisipari, noBigivayi, noRehumi, noBahana.Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:

3. abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;

4. abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;

5. abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu;

6. abantwana bakwaPhakati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nambili;

7. abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

8. abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisihiyagalolunye namashumi amane nanhlanu;

9. abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;

10. abantwana bakwaBani: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili;

U-Ezra 2