U-Ezra 10:17-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Baqeda namadoda ayethathe abesifazane babezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.

18. Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.

19. Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo.

20. Kumadodana ka-Imeri: ngoHanani noZebadiya.

21. Kumadodana kaHarimi: ngoMahaseya, no-Eliya, noShemaya, noJehiyeli, no-Uziya.

22. Kumadodana kaPhashuri: ngo-Eliyohenayi, noMahaseya, no-Ishmayeli, noNethaneli, noJozabadi, no-Eleyasa.

23. KumaLevi: ngoJozabadi, noShimeyi, noKhelaya onguKelitha, noPhethahiya, noJuda, no-Eliyezeri.

24. Kubahlabeleli: ngu-Eliyashibi; kubalindisango: ngoShalumi, noTeleme, no-Uri.

25. Ku-Israyeli: Kumadodana kaPharoshi: ngoRamiya, no-Iziya, noMalikhiya, noMijamini, no-Eleyazare, noMalikhiya, noBenaya.

26. Kumadodana ka-Elamu: ngoMathaniya, noZakariya, noJehiyeli, no-Abidi, noJeremoti, no-Eliya.

27. Kumadodana kaZathu: ngo-Eliyohenayi, no-Eliyashibi, noMathaniya, noJeremoti, noZabadi, no-Aziza.

28. Kumadodana kaBebayi: ngoJehohanani, noHananiya, noZabayi, no-Atilayi.

29. Kumadodana kaBani: ngoMeshulamu, noMaluki, no-Adaya, noJashubi, noSheyali, noJeremoti.

30. Kumadodana kaPhahati Mowabi: ngo-Adina, noKhelali, noBenaya, noMahaseya, noMathaniya, noBesaleli, noBinuwi, noManase.

U-Ezra 10