1. U-Ezra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.
2. UShekaniya, indodana kaJehiyeli, enye yamadodana ka-Elamu, wathatha wathi ku-Ezra: “Siphambukile kuNkulunkulu wethu, sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto.
3. Ngalokho masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu ukuba silahle bonke abesifazane nabazelwe yibo ngesiluleko senkosi nesabathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; akwenziwe ngomthetho.
4. Vuka, ngokuba iphezu kwakho le ndaba; thina sinawe; yiba nesibindi, ukwenze.”
5. Wayesevuka u-Ezra, wafungisa izikhulu zabapristi, namaLevi, naye wonke u-Israyeli ukuba benze ngokwaleli zwi. Bafunga-ke.
6. Wayesevuka u-Ezra phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJehohanani indodana ka-Eliyashibi, kepha esefike khona akadlanga sinkwa, kaphuzanga manzi, ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.
7. Bathumela izwi kwaJuda naseJerusalema kubo bonke abathunjwa ukuba babuthane eJerusalema
8. ngokuthi bonke abangafiki ngezinsuku ezintathu ngokwesiluleko sezikhulu namalunga kuyakudliwa yonke impahla yabo, bona bahlukaniswe nebandla labathunjwa.