1. U-Ezra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.
2. UShekaniya, indodana kaJehiyeli, enye yamadodana ka-Elamu, wathatha wathi ku-Ezra: “Siphambukile kuNkulunkulu wethu, sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto.
3. Ngalokho masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu ukuba silahle bonke abesifazane nabazelwe yibo ngesiluleko senkosi nesabathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; akwenziwe ngomthetho.
4. Vuka, ngokuba iphezu kwakho le ndaba; thina sinawe; yiba nesibindi, ukwenze.”
5. Wayesevuka u-Ezra, wafungisa izikhulu zabapristi, namaLevi, naye wonke u-Israyeli ukuba benze ngokwaleli zwi. Bafunga-ke.
6. Wayesevuka u-Ezra phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJehohanani indodana ka-Eliyashibi, kepha esefike khona akadlanga sinkwa, kaphuzanga manzi, ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.