U-Esteri 9:3-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Zonke izikhulu zezifunda, nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi.

4. Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo.

5. AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.

6. EShushani endlini yenkosi abaJuda babulala, bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu.

7. Babulala noParishanidatha, noDalifoni, no-Asiphatha,

8. noPhoratha, no-Adaliya, no-Aridatha,

U-Esteri 9