Kepha abaJuda ababe seShushani babuthana ngolweshumi nantathu lwayo nangolweshumi nane lwayo; ngolweshumi nanhlanu lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza.