Abanye abaJuda ababe sezifundeni zenkosi babuthana, bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni zabo, babulala abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu ababazondayo, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.