1. Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kusondela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo.
2. AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi ukuba babeke izandla kulabo ababefuna ukubalimaza; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo.
3. Zonke izikhulu zezifunda, nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi.
4. Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo.
5. AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.
6. EShushani endlini yenkosi abaJuda babulala, bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu.
7. Babulala noParishanidatha, noDalifoni, no-Asiphatha,
8. noPhoratha, no-Adaliya, no-Aridatha,
9. noPharimashita, no-Arisayi, no-Aridayi, noVayizatha,
10. amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.
11. Ngalolo suku inani lababuleweyo eShushani endlini yenkosi lalethwa phambi kwenkosi.
12. Inkosi yayisithi ku-Esteri inkosikazi: “AbaJuda babulele bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi? Isicelo sakho siyini? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.”