11. inkosi eyavumela ngakho abaJuda ababesemizini ngemizi ukuba babuthane, bamele ukuphila kwabo, bachithe, babulale, babhubhise onke amabutho abantu nawesifunda abahlaselayo, izingane nabesifazane, impahla yabo ibe yimpango,
12. ngosuku oluthile ezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.
13. Impinda yokulotshiweyo yanikwa ukuba ibe yisimemezelo ezifundeni zonke, kumenyezelwe kubantu bonke ukuba abaJuda bazilungiselele lolo suku, baziphindisele ezitheni zabo.
14. Zase ziphuma izigijimi zigibele amahhashi anejubane, amahhashi enkosi, zisheshiswa ziqhutshwa yizwi lenkosi; umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi.