U-Esteri 7:3-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Wayesephendula u-Esteri inkosikazi, ethi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, noma kukuhle enkosini, mangiphiwe ukuphila kwami ngesicelo sami nokwesizwe sakithi ngokufuna kwami,

4. ngokuba kuthengisiwe ngathi, mina nesizwe sakithi, ukuba sichithwe, sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile, ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.”

5. Yayisisho inkosi u-Ahashiveroshi, ithi ku-Esteri inkosikazi: “Ngubani lo, uphi yena onesibindi sokwenza lokho na?”

6. U-Esteri wathi: “Ngumuntu omelene nathi, oyisitha, uHamani lo omubi.” UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.

U-Esteri 7