7. Wayesethi enkosini: “Umuntu inkosi ethanda ukumenzela udumo
8. makalethelwe isambatho sobukhosi ekade isembethe inkosi, kanye nehhashi inkosi ekade ikhwela kulo nelifakwe enhloko yalo umqhele wobukhosi;
9. isambatho nehhashi makunikezwe esandleni sesinye sezikhulu ezidumileyo ukuba zimembathise lowo muntu inkosi ethanda ukumdumisa, zimkhwelise ehhashini esigcawini somuzi, zimemeze phambi kwakhe ngokuthi: ‘Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.’ ”
10. Yayisithi inkosi kuHamani: “Shesha, uthathe isambatho nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kuMoridekayi, umJuda, ohlezi esangweni lenkosi. Makungaphuthi lutho lwakho konke okukhulumileyo.”
11. UHamani wathatha-ke isambatho nehhashi, wamembathisa uMoridekayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe ngokuthi: “Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.”
12. UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.