12. UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.
13. UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe konke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe: “Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.”
14. Besakhuluma naye, zafika izinduna zenkosi, zashesha ukumyisa uHamani edilini u-Esteri alilungisileyo.