U-Esteri 6:12-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.

13. UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe konke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe: “Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.”

14. Besakhuluma naye, zafika izinduna zenkosi, zashesha ukumyisa uHamani edilini u-Esteri alilungisileyo.

U-Esteri 6