U-Esteri 5:4-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Wathi u-Esteri: “Uma kukuhle enkosini, inkosi noHamani mabeze namuhla edilini engiyilungisele lona.”

5. Yathi inkosi: “Msheshiseni uHamani ukuba kwenziwe njengezwi lika-Esteri.” Base beya inkosi noHamani edilini alilungisileyo u-Esteri.

6. Inkosi yathi ku-Esteri ngasedilini lewayini: “Isicelo sakho siyini na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.”

7. Wayesephendula u-Esteri, ethi: “Isicelo sami nengikufunayo nakhu:

8. Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi noma kukuhle enkosini ukunginika lokho engikucelayo nokwenza lokho engikufunayo, makuze inkosi noHamani edilini engiyakubalungisela lona; ngiyakwenza kusasa njengezwi lenkosi.”

9. UHamani waphuma khona ngalolo suku, ethokoza enenhliziyo enhle; kepha lapho uHamani embona uMoridekayi esangweni lenkosi ukuthi akasukumanga, kanyakazanga ngaye, uHamani wagcwala ulaka ngoMoridekayi.

10. Kepha uHamani wazibamba, waya ekhaya; wayesethuma, walanda abangane bakhe noZereshi umkakhe.

11. UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe, nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.

12. UHamani wathi futhi: “U-Esteri, inkosikazi, akangenisanga muntu kanye nenkosi edilini alilungisileyo ngaphandle kwami; nakusasa mina ngimenyiwe nguye kanye nenkosi.

U-Esteri 5