U-Esteri 4:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga.

5. U-Esteri wayesebiza uHathaki wezinduna zenkosi eyayimmisile ukuba amkhonze, wamyala ukuba aye kuMoridekayi, ukuze akwazi ukuthi kuyini nokuthi kungani na?

6. UHathaki wayesehamba, waya kuMoridekayi esigcawini somuzi esasiphambi kwesango lenkosi.

7. UMoridekayi wamtshela konke okumehleleyo nenani lemali uHamani ayethembisile ukulikhokhela esikhwameni senkosi ngabaJuda ukuba babhujiswe.

8. Wamnika futhi impinda yomthetho olotshiweyo owashaywa eShushani wokuba babhujiswe, ukuze amtshengise yona u-Esteri, amtshele ngayo, amyale ukuba angene enkosini ukunxusa kuyo, acelele abantu bakhe phambi kwayo.

U-Esteri 4