1. Emva kwalezo zinto inkosi, u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo.
2. Zonke izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zakhothama, zakhuleka kuHamani, ngokuba inkosi iyale kanjalo ngaye. Kepha uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye.