U-Esteri 2:5-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,

6. owayethunjiwe eJerusalema kanye nabathunjwa ababethunjwe noJekoniya, inkosi yakwaJuda, owathunjwa nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele.

7. Wayelokhu emondla uHadasa ongu-Esteri, indodakazi kayisekazi, ngokuba wayengenayise, engenanina; intombi yayiyinhle, yayibukeka; sebefile uyise nonina, uMoridekayi wayithatha yaba yindodakazi yakhe.

8. Kwathi lapho izwi lenkosi nesimemezelo sayo sekuzwakele, nalapho izintombi eziningi zibuthene eShushani endlini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, u-Esteri wangeniswa endlini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, umgcini wabesifazane.

9. Intombi yayiyinhle emehlweni akhe, yafumana umusa kuye; washesha wayinika izinto zokuqhola, nezabelo zayo, nezintombi eziyisikhombisa ezazikhethelwe yona zivela endlini yenkosi, wayiyisa yona nezintombi zayo endaweni enhle yendlu yabesifazane.

10. Kepha u-Esteri wayengakhulumanga ngabantu bakubo nangezihlobo zakhe, ngokuba uMoridekayi wayeyiyalile ukuba ingakusho.

11. UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.

12. Lapho kufika isikhathi sezintombi ngezintombi sokuba zingene enkosini u-Ahashiveroshi emva kokuba kwenziwe kuzo njengomthetho wabesifazane izinyanga eziyishumi nambili ngokuba zagcwaliswa kanjalo izinsuku zokuqholwa kwazo, izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure* nezinyanga eziyisithupha ngamakha nangezinto zokuqhola abesifazane

13. intombi yangena ngaleyo ndlela enkosini, nakho konke eyakushoyo yakunikwa ukuba iphume nakho endlini yabesifazane, iye endlini yenkosi.

14. Yangena khona kusihlwa; ekuseni yabuyela endlini yesibili yabesifazane phansi kwesandla sikaShahashigazi, induna yenkosi, umgcini wezancinza, ingaphindi ingene enkosini, uma inkosi ingathokozanga ngayo, ibizwe ngegama.

U-Esteri 2