U-Esteri 2:12-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Lapho kufika isikhathi sezintombi ngezintombi sokuba zingene enkosini u-Ahashiveroshi emva kokuba kwenziwe kuzo njengomthetho wabesifazane izinyanga eziyishumi nambili ngokuba zagcwaliswa kanjalo izinsuku zokuqholwa kwazo, izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure* nezinyanga eziyisithupha ngamakha nangezinto zokuqhola abesifazane

13. intombi yangena ngaleyo ndlela enkosini, nakho konke eyakushoyo yakunikwa ukuba iphume nakho endlini yabesifazane, iye endlini yenkosi.

14. Yangena khona kusihlwa; ekuseni yabuyela endlini yesibili yabesifazane phansi kwesandla sikaShahashigazi, induna yenkosi, umgcini wezancinza, ingaphindi ingene enkosini, uma inkosi ingathokozanga ngayo, ibizwe ngegama.

15. Lapho sesifikile isikhathi sika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho, kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane. U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.

16. U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.

17. Inkosi yamthanda u-Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi, wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.

U-Esteri 2