U-Esteri 2:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Emva kwalokho lapho ulaka lwenkosi u-Ahashiveroshi selubohlile, yamkhumbula uVashiti nalokho akwenzileyo, nalokho okumenyezelwe ngaye.

2. Zase zithi izinceku zenkosi ezaziyikhonza: “Inkosi mayifunelwe izintombi ezibukekayo,

3. inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.

4. Intombi enhle emehlweni enkosi mayibe yinkosikazi esikhundleni sikaVashiti.” Yaba nhle leyo nto emehlweni enkosi, yenze njalo.

5. Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,

6. owayethunjiwe eJerusalema kanye nabathunjwa ababethunjwe noJekoniya, inkosi yakwaJuda, owathunjwa nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele.

7. Wayelokhu emondla uHadasa ongu-Esteri, indodakazi kayisekazi, ngokuba wayengenayise, engenanina; intombi yayiyinhle, yayibukeka; sebefile uyise nonina, uMoridekayi wayithatha yaba yindodakazi yakhe.

U-Esteri 2