U-Esteri 1:8-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ukuphuza kwaya ngomthetho wokuba kungacindezelwa muntu, ngokuba inkosi yayiyalile zonke izinduna zendlu yayo ukuba zenze njengokuthanda kwabantu abanye ngabanye.

9. Naye uVashiti, inkosikazi, wenzela abesifazane idili endlini yenkosi u-Ahashiveroshi.

10. Ngosuku lwesikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini, yayala oMehumani, noBizitha, noHaribona, noBigitha, no-Abagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka-Ahashiveroshi inkosi

11. ukuba zimlethe uVashiti inkosikazi phambi kwenkosi, abe nomqhele wobukhosi ukuba abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngokuba wayebukeka kahle.

12. Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu, ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.

13. Yayisisho inkosi kwabahlakaniphileyo abazazi izikhathi ngokuba yayinendlela enjalo inkosi phambi kwabo bonke ababewazi umthetho nokwahlulela;

14. ababe seduze naye kwakungoKarishena, noShethari, no-Adimatha, noTharishishi, noMeresi, noMarisena, noMemukhani, izikhulu eziyisikhombisa zasePheresiya naseMediya ezaziphambi kobuso benkosi, zihlala emqoka embusweni

15. yathi: “Siyakwenze njani kuyo inkosikazi uVashiti njengomthetho, ngokuba ayenzanga izwi lenkosi u-Ahashiveroshi ngesandla sezinduna, na?”

16. UMemukhani wathi phambi kwenkosi nezikhulu: “UVashiti, inkosikazi, akonanga enkosini kuphela, kepha nakuzo zonke izikhulu nakubantu bonke abasezifundeni zenkosi u-Ahashiveroshi.

17. Ngokuba le ndaba yenkosikazi iyakuphumela kubo bonke abesifazane ukuba amadoda abo adeleleke emehlweni abo, lapho kuthiwa inkosi u-Ahashiveroshi yamyala uVashiti, inkosikazi, ukuba alethwe phambi kwayo, kepha akafikanga.

18. Namuhla amakhosikazi asePheresiya naseMediya ayizwile le ndaba yenkosikazi ayakukusho ezikhulwini zenkosi, kube ngukudelela nentukuthelo enkulu.

19. “Uma kukuhle enkosini, makuphume izwi lobukhosi, lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.

U-Esteri 1