U-Eksodusi 9:23-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. UMose wayeselula induku yakhe ngasezulwini; uJehova wathuma ukuduma nesichotho; nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wawisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.

24. Kwase kuwa isichotho nomlilo owanyazima njalo phakathi kwesichotho; kwakunzima kakhulu, okwakungazange kube khona ezweni laseGibithe okungangako, selokhu laba yisizwe.

25. Isichotho sashaya konke okwakusendle, abantu nezinkomo, ezweni lonke laseGibithe; isichotho sashaya yonke imifino yasendle, saphula yonke imithi yasendle.

26. Ezweni laseGosheni kuphela, lapho babe khona abantwana bakwa-Israyeli, kwakungawi sichotho.

27. UFaro wathuma wababiza oMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile lesi sikhathi; uJehova ulungile, kepha mina nabantu bami sibabi.

28. Ncengani kuJehova, ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.”

29. Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.

30. Kepha wena nezinceku zakho ngiyazi ukuthi anikamesabi uJehova uNkulunkulu.”

31. Kwashaywa ifilakisi* nebhali,* ngokuba ibhali lalikhahlele, nefilakisi laliqhakazile.

32. Kepha ukolweni nespelite* akushaywanga, ngokuba kwakungakakhuli.

33. UMose waphuma emzini kaFaro, welula izandla zakhe kuJehova; kwanqamuka-ke ukuduma nesichotho, alabe lisana emhlabeni.

34. UFaro esebonile ukuthi imvula nesichotho nokuduma sekunqamukile, wabuye wona, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezinceku zakhe.

35. Inhliziyo kaFaro yayilukhuni, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe, njengalokho uJehova eshilo ngoMose.

U-Eksodusi 9