18. Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.
19. Ngalokho thuma, ubuyise imfuyo yakho nakho konke onakho endle; bonke abantu nazo zonke izinkomo okuyakufunyanwa endle kungagoduswanga kuyakuwelelwa yisichotho, kufe.’ ”
20. Yena owalesaba izwi likaJehova phakathi kwezinceku zikaFaro wazenza izinceku zakhe nezinkomo zakhe ukuba zibalekele ezindlini.
21. Kepha onganakanga izwi likaJehova washiya izinceku zakhe nemfuyo yakhe endle.
22. Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kuwe isichotho ezweni lonke laseGibithe, phezu kwabantu, naphezu kwazinkomo naphezu kwayo yonke imifino ezweni lonke laseGibithe.”
23. UMose wayeselula induku yakhe ngasezulwini; uJehova wathuma ukuduma nesichotho; nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wawisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.
24. Kwase kuwa isichotho nomlilo owanyazima njalo phakathi kwesichotho; kwakunzima kakhulu, okwakungazange kube khona ezweni laseGibithe okungangako, selokhu laba yisizwe.
25. Isichotho sashaya konke okwakusendle, abantu nezinkomo, ezweni lonke laseGibithe; isichotho sashaya yonke imifino yasendle, saphula yonke imithi yasendle.
26. Ezweni laseGosheni kuphela, lapho babe khona abantwana bakwa-Israyeli, kwakungawi sichotho.