12. UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabalalelanga, njengalokho uJehova eshilo kuMose.
13. UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro, uthi kuye: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.
14. Ngokuba kulesi sikhathi ngizakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekweni zakho, nakubantu bakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.
15. Ngokuba ngase ngiselule isandla sami, ngakushaya wena nabantu bakho ngesifo, uze uchitheke emhlabeni,
16. kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.
17. Usabavimbela abantu bami, ungabavumeli ukuba bahambe, na?
18. Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.
19. Ngalokho thuma, ubuyise imfuyo yakho nakho konke onakho endle; bonke abantu nazo zonke izinkomo okuyakufunyanwa endle kungagoduswanga kuyakuwelelwa yisichotho, kufe.’ ”
20. Yena owalesaba izwi likaJehova phakathi kwezinceku zikaFaro wazenza izinceku zakhe nezinkomo zakhe ukuba zibalekele ezindlini.
21. Kepha onganakanga izwi likaJehova washiya izinceku zakhe nemfuyo yakhe endle.
22. Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kuwe isichotho ezweni lonke laseGibithe, phezu kwabantu, naphezu kwazinkomo naphezu kwayo yonke imifino ezweni lonke laseGibithe.”