21. Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke, bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.
22. “ ‘Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.
23. Ngizakwahlukanisa abantu bami nabantu bakho; ngomuso siyakuvela lesi sibonakaliso.’ ”
24. Wenze njalo uJehova; kwangena uswebezane olwesabekayo lwezibawu endlini kaFaro, nasezindlini zezinceku zakhe, nasezweni lonke laseGibithe; izwe lachithwa ngenxa yezibawu.