U-Eksodusi 7:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu, mhla bekhuluma kuFaro.

8. UJehova wakhuluma koMose no-Aroni, wathi:

9. “Nxa uFaro ekhuluma kini, ethi: ‘Zifakazeleni ngesimangaliso,’ uyakusho ku-Aroni ukuthi: ‘Thatha induku yakho, uyiphonse phansi phambi kukaFaro,’ ukuze iphenduke inyoka.”

10. OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u-Aroni waphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaphenduka inyoka.

11. Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo.

12. Ngokuba yilowo nalowo waphonsa phansi induku yakhe, zaphenduka izinyoka; kepha induku ka-Aroni yagwinya izinduku zabo.

13. Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.

14. UJehova wayesethi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni: uyenqaba ukuba abantu bahambe.

15. Yana kuFaro kusasa ekuseni; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; yima ogwini lomfula ukumhlangabeza; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho.

U-Eksodusi 7