U-Eksodusi 7:2-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

3. Mina ngiyakuyenza inhliziyo kaFaro ibe lukhuni, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe.

4. Kepha uFaro akayikunilalela; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabandla ami, isizwe sami, abantwana bakwa-Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.

5. AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.”

6. OMose no-Aroni benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke.

7. UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu, mhla bekhuluma kuFaro.

U-Eksodusi 7