U-Eksodusi 7:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho.

2. Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

3. Mina ngiyakuyenza inhliziyo kaFaro ibe lukhuni, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe.

4. Kepha uFaro akayikunilalela; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabandla ami, isizwe sami, abantwana bakwa-Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.

U-Eksodusi 7