U-Eksodusi 6:27-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Yibo labo ababekhuluma kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba akhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibithe; yibo oMose no-Aroni.

28. Kwathi mhla uJehova ekhuluma kuMose ezweni laseGibithe,

29. uJehova washo kuMose, wathi: “NginguJehova; khuluma kuFaro inkosi yaseGibithe konke engikukhuluma kuwe.”

30. Wayesethi uMose ebusweni bukaJehova: “Bheka, ngingowezindebe zomlomo ezingasokiwe; uFaro angangilalela kanjani na?”

U-Eksodusi 6