17. Amadodana kaGereshoni: ngoLibini noShimeyi ngemindeni yawo.
18. Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli; iminyaka yokuhamba kukaKohati yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nantathu.
19. Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; yile imindeni yamaLevi ngezizukulwane zayo.
20. U-Amramu wazithathela uJokebedi udadewabo kayise, abe ngumkakhe; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.