U-Eksodusi 6:10-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

11. “Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.”

12. UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova, wathi: “Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga; uFaro angangilalela kanjani, nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na?”

13. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni ukuba bayale abakwa-Israyeli noFaro inkosi yaseGibithe ukukhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe.

14. Laba bayizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; yile imindeni kaRubeni.

U-Eksodusi 6