11. Hambani nina, nizifunele utshani, lapho ningabuthola khona, ngokuba imisebenzi yenu ayiyikuncishiswa ngalutho.”
12. Base behlakazeka abantu ezweni lonke laseGibithe ukuyobutha izinhlanga zibe yibona tshani babo.
13. Abaphathi babaqhuba, bathi: “Qedani imisebenzi yenu, imisebenzi yemihla ngemihla, njengasezinsukwini kusekhona utshani.”
14. Izinduna zabantwana bakwa-Israyeli abazibeke phezu kwabo abaphathi bakaFaro zashaywa, zabuzwa ukuthi: “Aniqedanga ngani umsebenzi wenu izolo nanamuhla ukubumba izitini njengaphambili na?”
15. Zase zifika izinduna zabantwana bakwa-Israyeli, zakhala kuFaro, zathi: “Uziphathelani izinceku zakho kanje na?
16. Izinceku zakho aziphiwanga tshani; nokho bathi kithi: ‘Bumbani izitini.’ Futhi bheka, izinceku zakho ziyashaywa, kepha icala likubantu bakho.”
17. Kepha wathi: “Yinina enenqena, yebo, niyenqena; ngalokho nithi: ‘Ake sihambe sihlabele uJehova.’
18. Ngalokho hambani nisebenze, ngokuba aniyikuphiwa tshani, kepha isilinganiso sezitini niyakusiqeda.”
19. Izinduna zabantwana bakwa-Israyeli zabona ukuthi basekuhluphekeni, lapho kuthiwa: “Aniyikunciphisa izitini zenu esilinganisweni semihla ngemihla.”
20. Zahlangana noMose no-Aroni ababemi khona ukuzihlangabeza zisaphuma kuFaro.
21. Zathi kubo: “UJehova makanibheke, ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.”