U-Eksodusi 40:30-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, wathela kuwo amanzi okugeza.

31. OMose no-Aroni namadodana akhe bahlambela kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.

32. Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e-altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose.

33. Walungisa igceke lizungeza itabernakele ne-altare, walengisa iveli lesango legceke; kanjalo-ke uMose wawuqeda umsebenzi.

34. Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.

35. UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.

U-Eksodusi 40