U-Eksodusi 40:24-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu.

25. Wazibeka izibani phambi kukaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

26. Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo.

27. Washisa lapho impepho yamakha athaphukayo, njengalokho uJehova emyalile uMose.

28. Walengisa iveli lomnyango wetabernakele.

29. Wabeka i-altare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose.

30. Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, wathela kuwo amanzi okugeza.

31. OMose no-Aroni namadodana akhe bahlambela kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.

32. Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e-altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose.

33. Walungisa igceke lizungeza itabernakele ne-altare, walengisa iveli lesango legceke; kanjalo-ke uMose wawuqeda umsebenzi.

34. Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.

U-Eksodusi 40