15. uwagcobe, njengalokho wamgcoba uyise, ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, ukugcotshwa kwabo kube ngubupristi obuphakade kubo ezizukulwaneni zabo.”
16. Wenze njalo uMose; njengakho konke uJehova amyale ngakho, wenze njalo-ke.
17. Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili, ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa.
18. UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo.
19. Weneka itende phezu kwetabernakele, wabeka isifulelo setende phezu kwalo, njengalokho uJehova emyalile uMose.
20. Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.
21. Wangenisa umphongolo etabernakele, wamisa isihenqo seveli, wahenqela umphongolo wobufakazi, njengalokho uJehova emyalile uMose.
22. Wafaka itafula etendeni lokuhlangana ohlangothini lwetabernakele olungasenyakatho ngaphandle kwesihenqo.
23. Wahlela izinkwa phezu kwalo phambi kukaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
24. Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu.
25. Wazibeka izibani phambi kukaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
26. Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo.
27. Washisa lapho impepho yamakha athaphukayo, njengalokho uJehova emyalile uMose.
28. Walengisa iveli lomnyango wetabernakele.
29. Wabeka i-altare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose.
30. Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, wathela kuwo amanzi okugeza.
31. OMose no-Aroni namadodana akhe bahlambela kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.
32. Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e-altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose.
33. Walungisa igceke lizungeza itabernakele ne-altare, walengisa iveli lesango legceke; kanjalo-ke uMose wawuqeda umsebenzi.
34. Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.
35. UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.