1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele* letende lokuhlangana.
3. Wofaka khona umphongolo wobufakazi, uwuhenqele umphongolo ngesihenqo.
4. Ulingenise itafula, uhlele izinto eziphezu kwalo, ulungenise uthi lwezibani, ubeke izibani zalo.
5. Ubeke i-altare legolide lempepho phambi komphongolo wobufakazi, ulengise iveli lomnyango wetabernakele.
6. “Ubeke i-altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetabernakele letende lokuhlangana.
7. Ubeke umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.
8. Ulungise igceke nxazonke, ulengise iveli lesango legceke.
9. “Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nempahla yalo yonke, libe ngcwele.
10. Ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nezinto zalo zonke, ulingcwelise i-altare, i-altare libe ngcwelengcwele.
11. Ugcobe umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise.