U-Eksodusi 4:6-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. UJehova wathi futhi kuye: “Faka isandla sakho esifubeni sakho.” Wayesefaka isandla sakhe esifubeni sakhe; lapho esesikhipha, bheka, isandla sakhe sasinochoko, sinjengeqhwa.

7. Wayesethi kuye: “Buyisela isandla sakho esifubeni sakho.” Wayesesibuyisela isandla sakhe esifubeni sakhe; kuthe esikhipha esifubeni sakhe, bheka, sase siphendukile, sinjengenyama yakhe.

8. “Kuyakuthi uma bengayikukholwa nguwe, bengalaleli izwi lesibonakaliso sokuqala, bayakukholwa yizwi lesibonakaliso sasemuva.

9. Kuzakuthi-ke uma bengayikukholwa nayilezi zibonakaliso ezimbili, bengalaleli izwi lakho, uyakukha amanzi omfula, uwathele emhlabathini owomileyo; amanzi owakha emfuleni ayakuphenduka igazi emhlabathini owomileyo.”

10. UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.”

11. UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na?

12. Ngalokho hamba; ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.”

13. Kepha wathi: “O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.”

14. Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose; wathi: “Akakho umfowenu u-Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena. Futhi bheka, uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona, uyakuthokoza enhliziyweni yakhe.

15. Uyakukhuluma kuye, ufake amazwi emlonyeni wakhe; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza.

16. Uyakukukhulumela kubantu, abe ngumlomo kuwe, wena ube njengoNkulunkulu kuye.

17. Uzakuphatha le nduku ngesandla sakho, oyakwenza izibonakaliso ngayo.”

U-Eksodusi 4