27. UJehova wayesethi ku-Aroni: “Hamba umhlangabeze uMose ehlane.” Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga.
28. UMose wamtshela u-Aroni onke amazwi kaJehova amthume nawo, nezibonakaliso zonke amyale ngazo.
29. OMose no-Aroni baya, babutha onke amalunga abantwana bakwa-Israyeli;
30. u-Aroni wakhuluma onke amazwi uJehova awakhulume kuMose, wazenza izibonakaliso emehlweni abantu.
31. Abantu bakholwa-ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.