20. UMose wayesethatha umkakhe namadodana akhe, wabakhwelisa embongolweni, wabuyela ezweni laseGibithe; uMose waphatha induku kaNkulunkulu ngesandla sakhe.
21. UJehova wathi kuMose: “Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.
22. Uyakuthi kuFaro: ‘Usho kanje uJehova, uthi: U-Israyeli uyindodana yami, uyizibulo lami.
23. Ngiyakutshela: “Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze,” kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.’ ”
24. Kwathi endleleni endlini yezihambi uJehova wahlangana naye, wafuna ukumbulala.
25. USipora wayesethatha insengetsha, wanquma ijwabu lendodana yakhe, waliphonsa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Impela ungumyeni wegazi kimi.”