U-Eksodusi 39:28-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. nesigqoko selineni elicolekileyo, nezinye izigqoko ezinhle zelineni elicolekileyo, namabhulukwe elineni ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo,

29. nebhande* lelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo nelokuluhlaza nelokububende nelokubomvu, umsebenzi womfeketshisi, njengalokho uJehova emyalile uMose.

30. Benza ungcwecwe womqhele ongcwele ngegolide elicwengekileyo, babhala kuye umbhalo njengokuqoshwa kwendandatho wokuthi: “Wahlukaniselwe uJehova”.

31. Babophela kuye intambo eluhlaza ukuba abekwe phezulu esigqokweni, njengalokho uJehova emyalile uMose.

32. Njalo-ke kwaqedwa wonke umsebenzi wetabernakele* letende lokuhlangana; abantwana benza njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose; benze njalo-ke.

33. Baliletha itabernakele kuMose, itende nempahla yalo yonke, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo,

34. nesifulelo sezikhumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo sezikhumba zamatahasi,* nesihenqo seveli,

35. nomphongolo wobufakazi, nezinti zawo, nesihlalo somusa;

36. itafula nezinto zonke zalo, nezinkwa zokubukwa;

37. uthi olucwengekileyo lwezibani nezibani zalo, izibani zihleliwe, nezinto zonke zalo, namafutha okukhanyisa,

38. ne-altare legolide, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango wetende;

39. i-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezinto zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo;

40. izilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, neveli lesango legceke, nezintambo zalo, nezikhonkwane zalo, nempahla yonke yenkonzo yetabernakele, netende lokuhlangana;

U-Eksodusi 39