22. UBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda, wakwenza konke uJehova amyale ngakho uMose.
23. Wayeno-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani, umqophi nengcweti nomfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
24. Lonke igolide okwasetshenzwa ngalo, wonke umsebenzi wendlu engcwele, igolide lomnikelo lalingamatalenta* angamashumi amabili nesishiyagalolunye namashekeli* angamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu ngokweshekeli lendlu engcwele.
25. Isiliva lababebalwa esizweni lalingamatalenta* ayikhulu namashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele,
26. kwaba yilowo nalowo wanikela ngebeka* eliyinxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele kubo bonke abadlulela kwababaliweyo abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.
27. Amatalenta* ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo, izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu, italenta ngonyawo.
28. Ngamashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu wenza izingwegwe zezinsika, wanameka izihloko zazo, wazenzela izibopho.
29. Ithusi lomnikelo laba ngamatalenta* angamashumi ayisikhombisa namashekeli* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amane.
30. Wenza ngalo izinyawo zomnyango wetende lokuhlangana, ne-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinto zonke ze-altare,
31. nezinyawo zegceke nxazonke, nezinyawo zesango legceke, nazo zonke izikhonkwane zetabernakele, nazo zonke izikhonkwane zegceke nxazonke.