33. nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti.
34. Ubeke enhliziyweni yakhe ukuba afundise, yena no-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani.
35. Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti.