25. Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo, baletha okuphothiweyo, okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.
26. Bonke abesifazane abavuselwa yizinhliziyo zabo ukuhlakanipha baphotha uboya bezimbuzi.
27. Izinduna zaletha amatshe amashohamu* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba,
28. namakha, namafutha okukhanyisa nawokugcoba nawempepho ethaphukayo.
29. Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.
30. UMose wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda;
31. umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke
32. ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi,
33. nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti.