U-Eksodusi 35:22-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo, baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide, bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova.

23. Bonke okwafunyanwa kubo okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* bakuletha.

24. Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi baletha umnikelo kuJehova, nabo bonke okwafunyanwa kubo umuthi womtholo womsebenzi wenkonzo bawuletha.

25. Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo, baletha okuphothiweyo, okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.

26. Bonke abesifazane abavuselwa yizinhliziyo zabo ukuhlakanipha baphotha uboya bezimbuzi.

27. Izinduna zaletha amatshe amashohamu* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba,

28. namakha, namafutha okukhanyisa nawokugcoba nawempepho ethaphukayo.

29. Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.

30. UMose wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda;

31. umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke

32. ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi,

33. nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti.

34. Ubeke enhliziyweni yakhe ukuba afundise, yena no-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani.

35. Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti.

U-Eksodusi 35