U-Eksodusi 35:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze.

2. Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa.

3. Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.”

4. UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Yile nto ayale ngayo uJehova, ethi:

5. Thabathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube ngumnikelo kaJehova: igolide, nesiliva, nethusi,

6. nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi,

7. nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* nomuthi womtholo,

8. namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,

9. namatshe amashohamu,* namatshe okufakwa, abe ngawengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.

10. “Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze, bakwenze konke uJehova akuyalileyo:

11. itabernakele,* netende lalo, nesifulelo salo, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo;

12. umphongolo nezinti zawo, nesihlalo somusa, nesihenqo seveli;

U-Eksodusi 35