U-Eksodusi 34:8-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. UMose washesha wakhothamela emhlabathini, wakhuleka.

9. Wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, iNkosi mayihambe iphakathi kwethu, ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.”

10. Wayesethi: “Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.

11. Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngixosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.

12. Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, funa babe lugibe kuwe.

13. Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera* babo,

14. ngokuba awuyikukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uJehova, igama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu,

15. funa wenze isivumelwano nabakhileyo ezweni, baye baphinge nawonkulunkulu babo, bahlabele onkulunkulu babo, omunye akumeme, udle umhlatshelo wakhe,

16. uthathele amadodana akho amadodakazi abo, amadodakazi abo aye aphinge nawonkulunkulu babo, enze ukuba amadodana akho aye aphinge nawonkulunkulu babo.

17. “Awuyikuzenzela onkulunkulu ababunjiweyo.

18. “Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibithe.

U-Eksodusi 34