U-Eksodusi 34:5-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova.

6. UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,

7. ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”

8. UMose washesha wakhothamela emhlabathini, wakhuleka.

9. Wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, iNkosi mayihambe iphakathi kwethu, ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.”

10. Wayesethi: “Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.

11. Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngixosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.

12. Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, funa babe lugibe kuwe.

13. Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera* babo,

14. ngokuba awuyikukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uJehova, igama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu,

15. funa wenze isivumelwano nabakhileyo ezweni, baye baphinge nawonkulunkulu babo, bahlabele onkulunkulu babo, omunye akumeme, udle umhlatshelo wakhe,

16. uthathele amadodana akho amadodakazi abo, amadodakazi abo aye aphinge nawonkulunkulu babo, enze ukuba amadodana akho aye aphinge nawonkulunkulu babo.

17. “Awuyikuzenzela onkulunkulu ababunjiweyo.

18. “Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibithe.

19. “Konke okuvula isizalo kungokwami, nawo onke amaduna ezinkomo zakho, amazibulo ezinkomo nawezimvu.

20. Kepha izibulo lembongolo wolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, ulaphule intamo. Amazibulo onke amadodana akho wowahlenga, kungabonakali muntu phambi kwami engaphethe lutho.

U-Eksodusi 34