U-Eksodusi 34:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphulayo.

2. Mawube usulungele kusasa, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume khona phambi kwami esiqongweni sentaba.

3. Akuyikukhuphuka muntu nawe, kungabonakali muntu entabeni yonke, futhi kungaklabi zimvu nazinkomo ngaphambi kwaleyo ntaba.”

4. Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; uMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhuphukela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.

5. UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova.

U-Eksodusi 34