U-Eksodusi 33:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe, uye ezweni engalifungela ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho.’

2. Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,

3. uye ezweni elichichima ubisi nezinyosi. Angiyikukhuphuka ngiphakathi kwenu, lokhu ningabantu abantamo ilukhuni, funa nginiqede endleleni.”

4. Abantu beyizwa le ndaba embi badabuka, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe.

5. UJehova wayesethi kuMose: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo ilukhuni; uma ngikhuphuka ngiphakathi kwenu nangokuphazima kweso nje, ngizakuniqeda. Ngalokho khumulani manje izivunulo zenu, ukuze ngazi ukuthi ngiyakwenzani kini.’ ”

6. Abantwana bakwa-Israyeli bazihlubula izivunulo zabo, kusukela entabeni yaseHorebe.

7. UMose wayevama ukulithatha itende, walimisa ngaphandle kwekamu,* libe kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Kwathi bonke abamfunayo uJehova baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu.

U-Eksodusi 33