U-Eksodusi 32:9-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. UJehova wathi kuMose: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni.

10. Ngalokho ngiyeke ukuba ulaka lwami lubavuthele, ngibaqede, ngikwenze ube yisizwe esikhulu.”

11. UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?

12. AbaseGibithe bayakusholoni ukuthi: ‘Wabakhiphela okubi ukuba ababulale ezintabeni, abaqothule ebusweni bomhlaba.’ Phenduka olakeni lwakho oluvuthayo, uguquke kulobu bubi ngakubantu bakho.

13. Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”

14. UJehova wayesephenduka ebubini abethi uzakubenza kubantu bakhe.

15. UMose waphenduka, wehla entabeni enezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sakhe, izibhebhe ezazilotshwe nxazombili, zalotshwa ngalapha nangalapha.

16. Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nokuloba kwakungukuloba kukaNkulunkulu, kuqoshiwe ezibhebheni.

17. UJoshuwa wezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: “Kukhona umsindo wempi ekamu.”*

18. Wathi: “Akusilo izwi labahalalisa ngokunqoba, akusilo izwi lokukhala ngokunqotshwa, kepha ngizwa umsindo wabahlabelelayo.”

19. Kwathi esasondela ekamu,* wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.

20. Wayeselithatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa-Israyeli.

21. UMose wathi ku-Aroni: “Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?”

22. Wathi u-Aroni: “Ulaka lwenkosi yami malungavuthi; uyabazi abantu ukuthi bathanda ububi.

23. Ngokuba bathi kimi: ‘Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.’

U-Eksodusi 32