U-Eksodusi 32:31-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. UMose wabuyela kuJehova, wathi: “Hawu, laba bantu benzile isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide.

32. Nokho uma ubathethelela isono sabo; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.”

33. UJehova wayesethi kuMose: “Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami.

34. Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”

35. UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo u-Aroni.

U-Eksodusi 32