29. Wayesethi uMose: “Njengalokhu yilowo nalowo emelene nendodana yakhe nanomfowabo, manizahlukanisele namuhla kuJehova ukuba aninike isibusiso namuhla.”
30. Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: “Nenzile isono esikhulu; sengiyakukhuphukela kuJehova, uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu.”
31. UMose wabuyela kuJehova, wathi: “Hawu, laba bantu benzile isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide.
32. Nokho uma ubathethelela isono sabo; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.”
33. UJehova wayesethi kuMose: “Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami.
34. Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”
35. UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo u-Aroni.